Useqokiwe uMbhishobhi ozolandela uNapier eThekwini

0
351
UMBHISHOBHI Abel Gabuza

KWAMUKELWE ngentokozo ukuqokwa kukaMbhishobhi Abel Gabuza (63) ukuba abe ngumsizi ka-Cardinal Wilfrid Napier (OFM) (77) ekwaluseni iDayosisi yamaKhatholika yaseThekwini.

Amalungu aleli bandla alale ngeSonto ngezindaba zokuthi uPhapha Francis usekhethe uMbhishobhi Gabuza ophethe iDayosisi yase-Kimberley ukuba ayoba umsizi ka-Cardinal Napier okusho ukuba i-Coadjutor.

Lokhu kuchaza ukuthi uMbhishobhi Gabuza ulungiselelwa ukuthi uma u-Cardinal Napier ehla esikhundleni noma edlula emhlabeni athathe izintambo zokuhola le dayosisi.

U-Cardinal Napier, owangena ezicathulweni zika-Archbishop Denis Hurley ngo-1992, wafaka incwadi yokwesula ngo-2016 ehlanganisa iminyaka ewu-75 yobudala kodwa uPhapha wamcela ukuba aqhubeke eminye iminyaka emibili okuyothi uma iphela aphinde aqhubeke.

UMbhishobhi Gabuza uzosuka kwiDayosisi yase-Kimberley mhla ka-10 kuFebhuwari 2019. Uzobe esesebenzisana no-Cardinal Napier kuze kube uPhapha umemezela usuku lwakhe lokuhlala esihlalweni sobubhishobhi kuleli dayosisi. Uqopha umlando ngokuba owokuqala ongumpriste wesifundabhishobhi (Diocesan Priest) ukuhola lesi sifunda.

Ekhuluma ngokukhethwa kwakhe uMbhishobhi uGabuza, uthe: “Kwangethusa kakhulu ukuthola ucingo luvela ku-Nuncio u-Archbishop Peter Well, ongumbambeli kaPhapha mhla ka-26 Novemba 2018 engazisa ngokukhethwa kwami ukuba ngiyosebenza eThekwini. Ngavele ngoma, ngacabanga ukuthi ngiyaphupha, ngizibuza ukuthi kungani kukhethwe mina.

“Bese ngiqala ukujwayela eKimberley manje sekufanele ngithuthe futhi ngiye eThekwini.” UDABA OLUGCWELE KUMAFRIKA

 

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here