Inkukhu isola umgqakazo ngokuboshwa kukasomabhizinisi

0
229

UFUNA kwenziwe ubulungiswa usomabhizinisi waseMpangeni, ongowokudabuka eMozambique, osola isikhulu samaphoyisa ngaphansi koThungulu Cluster ngokusebenzisa budlabha isikhundla saso sambophela amanqina enyathi ngoba sizama ukufihla ukuthi sishendeza nonkosikazi wakhe engeyokudabuka eSwatini.

UMnu Edgar Augostino Zandamela (44) uboshwe ngo-Okthoba kophezulu, kuze kube yimanje usagcinwe esitokisini samaphoyisa aseMpangeni kulandela ukuvulelwa icala umkakhe omsola ngokumesabisa nokumbulala nangokuyixina ngemibuzo eyihlukumezayo.

UmAfrika ulandiswe ummeli kaMnu Zandamela, u-Advocate Bonga Khumalo, oveze ukuthi sebeze babhalela iBamba likaKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uGeneral Nhlanhla Mkhwanazi, ukuba ajube ithimba elizongenelela kulolu daba ngoba kunezinsolo zokuthi kunabathile ezigabeni zomthetho abahleli phezu kwalo ngoba bezama ukuvikela lesi sikhulu igama laso eligodliwe.

Leli phephandaba linayo ikhophi yale ncwadi.

U-Adv Khumalo uthe udaba lukaMnu Zandamela luqale ezinyangeni ezimbalwa ezedlule lapho inkosikazi yakhe ibisinezindlela angaziqondi ithi ezamabhizinisi futhi isikhombisa ukungamthakaseli uninazala.

Uthe lona wesifazane uphinde wathi useMthunzini okuthe uma uMnu Zandamela ebheka imoto ayehamba ngayo nge-tracker wathola ukuthi ipake phambi kwelinye lamahhotela adumile eMpangeni. UDABA OLUGCWELE KUMAFRIKA

 

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here