Uvalwe ngegiya eliphezulu umcimbi woKhahlamba

0
193
: UMlindo The Vocalist ungomunye wabaculi abashukumise inkundla eBergville

AYIBAXOSHANGA ivula abathandi bomnandi eBergville, iDrakensberg Extravaganza Tourism and Heritage Experience ngoMqibelo ngenkathi kuqala lo mcimbi.

Usuku lweshumi belugabe ngendumezulu yomculo othathe ubusuku bonke njengoba uMlindo the Vocalist engene esiteji ngo-5 lapho abahambeli bebesagcwele inkundla bethokozela umculo obulokhu ushe kusukela ngayizolo.

UMlindo ungomunye wabaculi abebelindelwe ngabomvu njengoba enezingoma ezishisa izikhotha kulezi zinsuku.

Bebephume ngobuningi babo abantu njengoba bekukhona nabahlezi ngaphandle enkundleni. Abahleli bomcimbi balinganisele ekuthini bebengaphezulu kuka-3000 abahambele lo mcimbi.

Ngesikhathi sekhonsathi abaphathi bohlelo bekungabasakazi boKhozi FM uTshatha, Mroza, noNjinji abebesakazelaa bukhoma kule ndawo. UDABA OLUGCWELE KUMAFRIKA

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here