Umculi usafisa ithuba noyisibonelo kuye

0
151

LINESIFISO sokuhlala phansi nengwazi u-Oliver Mtukudzi lincele ulwazi ngomculo iciko elisha elishaya isigqi se-Afrop nomaskanda.

UMnqobi Msimango, obizwa ngoMnqobi Yazo emculweni, usanda kwethula i-albhamu entsha esihloko sithi Isicephu.

Ngesikhathi eyethula wathatha amehlo abantu abaningi ngesikhathi engena ephethe ishoba ngaphambi kokusukumisa abebehambele umcimbi wakhe obuse-Werehouse, eThekwini muva nje.

UMnqobi Yazo (25) uvumile ukuthi ukuphatha ishoba wakubonela kuJabu Khanyile wodumo lweBayete osadlula emhlabeni. Uthi ngaphandle kukaJabu omunye umuntu abukela kuye uMtukudzi kanti uthi wangenwa amanzi emadolweni ngesikhathi evula inkundla emcimbini wale ngwazi yaseZimbabwe ngonyaka odlule.

“Angikholwanga nami ukuthi ngaqashwa ukuzonandisa emcimbi weqhawe lami, ubaba uMtukudzi, kodwa ngavela ngesaba ukuzethula kuye ngoba ungumuntu omkhulu nohlonishwayo emhlabeni jikelele. Ngisafisa ukuthi ngihlale naye phansi, ngincele ulwazi olujulile lomculo ngoba ngiyawuthanda kakhulu. Umculo wakhe ufana nowami ngoba unomyalezo oyitholayo indawo enhliziyweni yomuntu,” kusho le nsizwa edabuka eMabhendini KwaMaphumulo. UDABA OLUGCWELE KUMAFRIKA

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here