Kukhulekelwa ukuchitheka kwegazi ngezikhathi zamaholidi

0
188
ABEFUNDISI bamabandla bekhulekela izimo ezahlukene

UKUDLANGA kwezigameko ezinyantisa igazi eziye zigubuzele izwe njalo ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi sekuholele ekutheni amabandla ahlukene anxuse uNkulunkulu ukuba asivimbe lesi simo singabi bikho kula maholidi.

Ukwebiwa kwezimoto, izingozi zomgwaqo, ukubulawa kwabanebala elimhlophe, ukuhlukunyezwa kwabantu abadala nabantwana nokubulawa kwamaphoyisa ezinye zezigameko ezichazwe njengezidla lubi njalo uma sekuyilesi sikhathi sonyaka.

Umkhandlu wamabandla ahlangene waseMlazi ubuhlele le nkonzo ngoLwesine olwedlule ehholo lomphakathi elikwa-D, eMlazi. UMfu Ivy Mhlongo, ongumholi we-Christian Assemblies futhi onguSihlalo walo mkhandlu, uthe kuwumsebenzi webandla likaNkulunkulu ukukhulekela konke okubonakala kubhimba ezweni. UDABA OLUGCWELE KUMAFRIKA

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here