Izelamani zakwa-Ndou emkhandlwini wenhlangano yesibhakela

0
118
ULovemore Ndou oseqashwe njengommeli we-WBF

KUQOPHEKE umlando ngesikhathi inhlangano yesibhakela yaphesheya i-World Boxing Foundation (WBF) iqoka izelamani zakwaNdou uLovemore no-Ruddock kwibhodi layo.

Le nhlangano ezinze e-Australia imemezele uLovemore Ndou owayengumpetha wamabhande e-IBF junior featherweight ne-IBO welterweight njengommeli wayo.

Kakade uLovemore, owayedume ngesidlaliso uBlack Panther, ufunde wagogoda kwezobumeli kanti futhi ungomunye wabaqondisi enkampanini yabameli e-Australia okuyizwe elifana nekhaya lakhe lesibili kwazise usehlale khona isikhathi eside.

URuddock, yena ozinze ePolokwane nowayelwa esigabeni sama-amesha, uqokwe njengo-commissioner e-Africa.

ULovemore uziqinisekile lezi zindaba, wathi bazokwenza konke okusemandleni ukusebenza ngokuzikhandla. Uthe yena nomfowabo banobudlelwano obuhle njengoba ubebuye amsize ekhoneni uma enezimpi.

Uthe bahlela ukwakha indawo yokujima ngakubo eLimpopo. UDABA OLUGCWELE KUMAFRIKA

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here