Injabulo abafundi bethola izitifiketi zamakhono

0
84
INGXENYE yabafundi ehlomule ngezitifiketi

KUGELEZE izinyembezi zenjabulo ngesikhathi abafundi base-Chief Albert Luthuli Skill Centre, KwaDukuza, beklonyeliswa ngezitifiketi emuva kokuphothula izifundo emikhakheni eyahlukene. Lokhu kwenzeke ngeledlule emagcekeni alesi sikhungo abafundi bemukeliswa izitifiketi emikhakheni efana nokuxhunywa kwamapayipi, ukwakha, imisebenzi yokhuni nokunye.

Iningi labafundi abebephelezelwe abazali babo bebechichima injabulo kubonakala ukuthi kuyabajabulisa ukuthi sebezokwazi ukusebenza ngolwazi abaluzuze lapha.

Lesi sikhungo esizimele sakhiwa ngo-2016 ngemali elinganiselwa ku-R7 million kuhloswe ngaso ukuthola amakhono ikakhulukazi emisebenzini yezandla. Selokhu savulwa, abafundi baso baphumelela ngamalengiso njengoba singakaze sithole imiphumela engaphansi kwamaphesenti awu-95.

Sesikhiqize omakhi ababalelwa ngaphezulu kuka-100. UDABA OLUGCWELE KUMAFRIKA

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here