Bekukuhle kudelile imbokodo ‘idodisana’

0
139
UMNU Khanyisani Phungula weZendalo Hospitality Group (kwesokunxele), uNomusa Phungula, uKhanyisile Mazibuko noLizwi Maphanga abebehambele umcimbi wabesifazane

UFUNA ukuqeda umqondo wokuthi abantu besifazane bathembele kwabesilisa ngezidingo zabo owesilisa obehlele umcimbi wokubacobelela ngolwazi emikhakheni eyahlukene yempilo.

UMnu Khanyisani Phungula weZendalo Hospitality Group ebihlele umcimbi obizwa nge-Ladies Lifestyle Experience obuseMgungundlovu ngeSonto, uthe iningi labantu lingamangazwa ukuthi njengoba engowesilisa uhlele umcimbi wabesifazane.

“Okuseqinisweni sengihlalile ngabona okuningi kwenzeka, ikakhulukazi ukungasebenzi kwabantu besifazane okungiphatha kabi kakhulu. Yingakho-ke ngithe angike ngibahlanganise bazothola ukucotshelelwa ngolwazi abangaludinga ukuzithuthukisa,” kusho uMnu Phungula. UDABA OLUGCWELE KUMAFRIKA

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here