Abakwa-SASA nemizamo yokusiza abalima emakhaya

0
94
UNKK Lindiwe Hlubi

IPHINI likaSihlalo we-South African Sugar Association (SASA), uNkk Lindiwe Hlubi, lithi bazokwenza konke okusemandleni ukweseka abalimi abatshale ezindaweni zabo zasemakhaya.

Lokhu ukusho ngeledlule esithangamini sabezindaba ebesisemahhovisi abo eMount Edgecombe, eThekwini, lapho bebeveza izinkinga imboni kashukela ebhekene nazo.

Uveze ukuthi bayabazi ubunzima laba balimi ababhekene nabo nokuthi iningi labo izalukazi eziziphilisa ngokutshala umoba ziphinde zisebenzise imali yempesheni ukuthola ezikudingayo.

“Sizogxila ekuthuthukiseni bona ngoba inkulu indima abayikhathulayo baphinde bondle imindeni yabo ngale ndlela, okusemqoka ukuthuthukisa umlimi omnyama ngoba bebelokhu bebekwe emuva,” kusho uNkk Hlubi. UDABA OLUGCWELE KUMAFRIKA

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here