Udumo aluwashintshi Amambazo

0
207
1. ILadysmith Black Mambazo ijabulela uxhaso lwemoto

NJENGABANTU asebehambe cishe amagumbi amane omhlaba, beshiya abahambela imicimbi yabo befuna impinda baphinde bachonywa ngophaphe logwalagwala izikhawu eziningi, ubungalindela ukuthi amalungu eLadysmith Black Mambazo abe ngabantu abazithwele.

Phela sekukaningi lapha eNingizimu Afrika sihlangana namaciko abukela phansi izintatheli kanye nabantu uma behanjelwa kahle izinto ngaleso sikhathi.

Kodwa ngibuye ngoMsombuluko ngibheme ngakholwa ngengikubone ngihlangene nalezi zinkunzi eseziphakamise kaningi ifulegi lakuleli emazweni aphesheya, benza sathola ukuhlonishwa ngokuqhuba umculo wesintu.

Besisemcimbini eSiqiwini eNanda Dam wokwethulwa ngokusemthethweni kweNanda Dam World Music Festival ezobanjelwa kuyona le ndawo ngeSonto.

Sinethimba labezindaba ebesimenyiwe ngokukhethekile, sifike kuqala. Kungakapheli sikhathi esingakanani, kutheleke izimoto ezimbalwa zohlobo oluphambili. UDABA OLUGCWELE KUMAFRIKA

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here