Ikhonsathi yokuhlonipha owayeyisihlabani se-gospel

0
201
ULundi ozoqongelelwa imali yokulungisa itshe lesikhumbuzo sakhe

ABACULI be-gospel abahlukene sebenqume ukusiza umndeni wesihlabani esadlula emhlabeni, uLundi Tyamara, ukulungisa itshe lethuna lakhe.

ULundi washona ngonyaka odlule ngemuva kokuxinwa ukugula isikhathi eside. Wangcwatshelwa kubo eWorcester, eNtshonalanga Kapa.

UThabiso Moloi, owayengumngani omkhulu kaLundi, uveze ukuthi kubaphathe kabi ukubona itshe lesikhumbuzo sakhe selimoshakele.

Uthe umndeni walo mculi uthwele kanzima njengoba kungekho muntu osebenzayo kanti inkampani ekuxhunyenwe nayo ifune uR5 500 ukulungisa itshe.

“Sibone kuwumqondo ophusile ukuthi njengoba ubezobe eqeda iminyaka engu-39 yokuzalwa ukube usawadla anhlavana, kungcono simenzele umcimbi wokumqoqela izimali. Kulo mcimbi kuzobuye kunandisa abaculi eReef Hotel eGoli ngomhla ka-16,” kusho uMoloi. UDABA OLUGCWELE KUMAFRIKA

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here