Siyancipha isineke sabalandeli ngoSolinas

0
210

UBHEKWE ngabomvu umphumela womdlalo weKaizer Chiefs ne-SuperSport United ngesonto elizayo njengoba imiphumela engemihle isamphika uGiovanni Solinas.

I-Chiefs isakwaze ukuqoqa amaphuzu amane kwangu-15 emidlalweni emihlanu, okwenze isale ngemuva ezimbangini i-Orlando Pirates okumanje iqhwakele phezulu kwi-log.

Ukushaywa iLamontville Golden Arrows eThekwini kuyenze yehlela endaweni yesikhombisa kanti isinamaphuzu angu-18.

Izoya emdlalweni we-SuperSport isanda kuthola omunye umpentshisi njengoba ishaywe iZimamoto FC kwi-Caf Confederations Cup eZanzibar ngoLwesibili. Nokho idlulele emzuliswaneni olandelayo ngoba emlenzeni wokuqala yawuqeda umsebenzi idlula ngo 5-1.  UDABA OLUGCWELE KUMAFRIKA

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here