Uvalo ngozaluzile lwemidlalo kweZimnyama

0
232

NGABE i-Orlando Pirates izokwazi ukubhekana nezinselelo zokudlala e-Afrika iphinde futhi iqede indlala yokunganqobi ndebe ekhaya?

Lona ngumbuzo osezindebeni zabalandeli bayo njengoba isibuyele kwi-CAF Champions League ngemuva kokugcina ukudlala kuleli zinga ngo-2015.

Okunye osekufake ingebhe kubalandeli bokuqina be-Pirates ukuthi ukuhamba ibanga elide kweqembu ngeke yini kube nemiphumela engemihle.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngemuva kokudlala amafayinali kabili ngo-2013 nango-2015, iPirates yehlelwa yizinga ngendlela eyaxaka ngisho usathane.

Yaguqiswa i-Al Ahly kwi-Champions League ngo-2013 iqeqeshwa uRoger de Sa kwathi ngo-2015 isilolongwa u-Eric Tinkler yakhala ngaphansi kwiConfederations Cup kwi-Etoile yase-Tunisia.

Ngemuva kwale fayinali, iPirates yabuyela ekhaya yehlelwa yifomu yaze yaqeda endaweni ka-11 kwi-log. UDABA OLUGCWELE KUMAFRIKA

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here