Umthethosisekelo awungivikele: Zuma

0
114
UMNU Jacob Zuma

OWAYENGUMENGAMELI wakuleli, uMnu Jacob Zuma, ukhala ngokuthi umthethosiseko wakuleli awumvikeli njengoba wenza kwabanye.
UMnu Zuma ubekhuluma nabalandeli bakhe namuhla ngoLwesihlanu emuva kokuvela kafishane eNkantolo eNkulu eMgungundlovu ngecala lokukhwabanisa abhekene nalo. Icala libe selihlehliselwa umhla ka-20 Meyi 2019.
Ekhuluma nabamesekayo uMnu Zuma, uthe kuningi osekwenzekile okuwukwenzelela kuleli cala athe lachithwa amajaji amabili.
“Leli cala selangena kaningi ezinkantolo amajaji amabili alichitha futhi ziningi izinto ezenziwe abaphenyi eziphikisana nomthetho. Kuningi okwenzekile okuwukwenzelela kuleli cala, sesiwafakile ke amaphepha lapho sithi sizocacisa lezi zinto ngobuningi bazo esithi ngeke lisabuletha ubulungiswa, alikhishwe liphele lithi nya,” kusho uMnu Zuma.
Uthe leli cala alisawahloniphi amalungelo akhe njengesakhamuzi saseNingizimu Afrika naso okufanele umthethosisekelo wezwe usivikele njengoba uvikela wonke umuntu.
“Sizimisele ukuthi njengoba salwela inkululeko sifuna ukuthi abantu bakhululeke babe namalungelo. Leli cala alisawahloniphi amalungelo kaZuma naye phela ungumuntu wakuleli zwe kufanele umthethosisekelo umvikele angenziwa intandane engeyona ngoba nami nginezwe okuthiwa iNingizimu afrika akungenziwa sengathi anginazwe,” kusho yena.
Uveze ukuthi phakathi nonyaka ozayo bzoya enkantolo lapho bezohluba udlubu ekhasini ngokuthi aliphele leli cala.
Uthe sebelinde abashushisi ukuthi babaphendule ukuthi bathi aliqhubeke ngaziphi izizathu.
Uqhube wathi: “Senginezinsukwana ngikhona kuleli zwe, ngake ngaboshwa imithetho yobandlululo engangilwisana nayo ngaze ngagwetshwa ngadonsa iminyaka ejele noma sengigwetshwa ngangazi ukuthi ngigwetshwe izigebengu akukwazi ke ukwenzeka lokho eNingizimu Afrika ekhululekile. Umehluko kufanele ubekhona.”
Ubonge abamesekayo ngokumela iqiniso nokuthi kungabikho okudlalwa ngaye, kudicilelwe phansi amalungelo akhe.
“Ngiyanibonga kulokho kodwa nizozwa ngoba sizohluba udlubu ekhasini kulo nyaka ozayo sicacisa ukuthi amalungelo ale nsizwa okuthiwa eyakwaZuma aphulwe kanjani. Ngithi anginibonge kulokho ukuthi ningapheli amandla nokuzimisela nimele iqiniso kule Ningizimu Afrika ekhululekile,” usho kanje.
Uphethe ngokunxenxa amalungu e-ANC ukuba ayivotele ngobuningi okhethweni lwangonyaka ozayo.
Phakathi kwabebekhono ukuyokweseka uMnu Zuma kubalwa owayenguNdunankulu waseNorth West, uMnu Supra Mahumapelo, owayenguMengameli weCosatu, uMnu Sdumo Dlamini, uNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnu Mdumiseni Ntuli, iPhini likaSomlomo weSishayamthetho sesifundazwe, uDkt Meshack Radebe nabanye.

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here