Isiphethwe umlawuli i-SRC yasoNgoye

0
202
UNKSZ Nontobeko Zulu oqokwe njengomlawuli womkhandlu wabafundi Ongoye

UMHOLI WE-EFF Students Command (EFFSC) e-University of Zululand, uNksz Nontobeko Zulu, useqokwe njengomlawuli womkhandlu wabafundi kulesi sikhungo kulandela ukuhlakazwa kwaso.
Ngeledlule lesi sikhungo simemezele ukuthi umkhandlu wabafundi uhlakaziwe ngenxa yezinsolo ezibucayi zokungaziphathi kahle kwamanye amalungu awo. Sithe sithathe lesi sinqumo emuva kokuthola ukuthi kunabangu-12 kwabangu-15 abangakulungele ukuba kusona nokuba abaholi babafundi.
Umkhandlu wabafundi kulesi sikhungo esiseMpangeni ubulawulwa i-EFFSC kulandela ukunqoba kwayo ukhetho ezinyangeni ezintathu ezedlule.
Lokhu kulandelwe ukuthi kuqokwe uNksz Zulu wanikwa amandla nokusebenza ngokuphelela njengoba kuyalela umthethosisekelo womkhandlu wabafundi.

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here