Zizoqonga izinselelo ze-Chiefs ngemidlalo ye-CAF

0
2585

NJENGOBA i-Kaizer Chiefs ibuyela emqhudelwaneni we-CAF, umbuzo osezindebeni zabaningi ukuthi izogxila ekuhambeni ibanga elide kuwo noma izozama ukulungisa isimo esingesihle eNaturena?

IChiefs izodlala kwiConfederations Cup neZizamoto njengoba yagcina ukudlala kulo mqhudelwano wase-Afrika ngo-2014 igcine ukunqoba isicoco seligi sakuleli.

Ukudlala le midlalo yase-Afrika kuyakhandlana ngasebadlalini abasuke bedingeka ukuthi bazinikele ukunqobela iqembu eminye imiqhudelwano.

Njengoba iChiefs isiphuthwe i-MTN8 ne-Telkom Knockout, isisalelwe iligi ne-Nedbank Cup. Kodwa okusagqamile ukuthi inhlanhla isayiphika yize inomqeqeshi omusha obekuthenjwa ukuthi uzofike asheshe aqede indlala eseququde eNaturena amasizini amathathu. UDABA OLUGCWELE KUMAFRIKA

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here