Umdlalo we-chess i-ANC ibeka iMeya ye-IFP eNdumeni

0
283
KWESOKUNXELE uSomlomo kaMasipala iNdumeni omusha, uMnu Lucky Khumalo, we-ANC neMeya, uMnu Thabani Mlotshwa we-IFP

LUGCINE lugobile uphondo ebuholini bukazwelonke be-IFP bavuma intando yobesiyingi eNdumeni ngokuqokwa kwemeya noSomlomo kaMasipala iNdumeni, eDundee.

Izinhlangothi ezingaphakathi kuleli qembu ezidaleke ngalokhu okuwoluzibiza ngokuthi Abusekho Ubunzima (AU) nolwaziwa ngelithi Konke Kuhamba Kahle (KKK), ziphenduke inhlekisa phambi kwamakhansela amaqembu aphikisayo kulo mkhandlu emasontweni amabili edlule ziphikisana ngokuqoka abazovala lezi zikhundla kwagcina kuhlehle umhlagano ngemizuzu yokugcina kungakhethwanga. Uhlangothi lwabaholi besiyingi eNdumeni okwaziwa ukuthi luhambisana ne-AU beluqophisana nolukazwelonke, i-KKK.

Kuthiwa abe-KKK bebesebenzisa ikomiti elibhekelele ukutshalwa kwamalungu ezikhundleni befuna ukuqoka abaholi abathandwa yibo kanti abe-AU bebeshaya phansi ngonyawo bethi ngeke bafunzwe abaholi ngabantu abangahlali eDundee befuna ukuziqokela okumele bavale lezi zikhundla. UDABA OLUGCWELE KUMAFRIKA.

 

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here