‘NjengeZayoni kumele samukele izinguquko zezikhathi’

0
211

UMHOLI we-African Apostolic Holy Church of the World, u-Archbishop Sazi Nguse, uthi kumqoka ukuthi intsha yeZayoni ifunde okuyizinguquko ezinhle ukuze leli bandla lizohlonishwa.

U-Archbishop Nguse ukhulume kanje engqungqutheleni yentsha yebandla ebiyenganyelwe iSekethe yeTheku ebisehholo lomphakathi kwa-J eMlazi muva nje. Amanye amasekethe abekhona i-South Coast, North Coast neZululand.

Enkulumweni yakhe, u-Archbishop Nguse uthe zintathu izinhlaka ezikhona ebandleni – olomama, olwamadodana nolwentsha okumqoka kakhulu ukuthi lufundiswe ngoba iyikusasa lebandla nesizwe.

Uveze ukuthi imfundo yasekilasini ibaluleke kakhulu entsheni futhi nayo kufanele igxile eZwini leNkosi nokuthi eyaseZayoni yamukele impucuko. UDABA OLUGCWELE KUMAFRIKA.

 

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here