‘Izimbuzi ziyimboni engashintsha izimpilo zabamnyama’

0
318
: KWESOKUNXELE uNkk Gugu Ngcobo weNikona Mikona SA, uDkt Bandile Mkhize we-Goats Unlimited noMphathiswa wezoLimo KwaZulu-Natal, uMnu Themba Mthembu

UMPHATHISWA wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zasemaKhaya KwaZulu-Natal, uMnu Themba Mthembu, uqede ungabazane kosomabhizinisi ababa madolonzima uma kukhulunywa ngokungena ebhizinisini lokufuywa kwezimbuzi ngesikhathi ebatshela ukuthi bangenza imali enkulu uma bengazibandakanya nalolu hlobo lwebhizinisi.

UMphathiswa uMthembu ubekhuluma izolo ngoLwesithathu engqungqutheleni ebimayelana nokufuywa kwezimbuzi, iGoat Agri-Business Conference, ebise-Botanic Gardens eThekwini.

Ukusho wangananaza ukuthi uyazi ukuthi abantu abaningi abakayiqondi kahle eyokufuywa kwezimbuzi, wathi yingakho abanye kuye kubonakale sengathi bahlehlela nyovane njalo uma kukhulunywa ngalolu hlobo lwebhizinisi. Uncome kakhulu lolu hlobo lwengqungquthela athe lumqoka ekutheni lusetshenziselwe ukuvula imiqondo kosomabhizinisini abanganalo ulwazi olunzulu ngokufuywa kwezimbuzi. UDABA OLUGCWELE KUMAFRIKA.

 

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here