OweBafana ne-Nigeria uhlale ungowegqubu

0
107
ULebo Mothiba oyithemba lamagoli kwiBafana Bafana

UMDLALO weNingizimu Afrika neNigeria uhlale ulindelwe ngabomvu, akukhathaleki noma ngabe owesihle.

Abantu bakula mazwe babheja amehlo aze abe bomvu uma beklolodelana ngokuthi ubani ongcono kunomunye.

Ukuklolodelana kukapakela nasekuqhosheni ngokuthi iliphi izwe elihamba phambili  ngomnotho.

Okwamanje iNigeria isazibona ingamabhoza kuleli zwe laseNingizimu ngoba ivamise ukuyithela umpentshisi uma kuhlangenwe.

Eminyakeni engu-22 edlule la mazwe edudulana iNigeria isakwaze ukunqoba amahlandla ayisikhombisa, kwadlalwa kabili ngokulingana. IBafana Bafana isashaye kabili lezi zitha zalo.

Umdlalo ose-FNB Stadium ngoMgqibelo (3pm) wokuhlungela i-Africa Cup of Nations ezokuba seCameroon ngonyaka ozayo, umqoka kwiBafana Bafana. UDABA OLUPHELE KUMAFRIKA

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here