kungani uMosimane engamathe nolimi nothuthuva

0
1804

NJENGOMUNTU osebuya ngisho ekuqeqesheni kwi-Fifa World Cup, Club World Cup, Confederations Cup, Africa Cup of Nations, CAF Champions League, ubungalindela ukuthi indlela aziphatha ngayo ingafani neyomuntu osafika ebholeni.

Kodwa ukushiselwa yigazi kalula kukaPitso Mosimane kushiya imibuzo ukuthi kanti yini ayifundile kwabanye ozakwabo abavamise ukubeka phansi umoya noma ngabe izimo ziphuma kanjani endleleni.

Akukudala lapho uMosimane akhombisa khona intshisekelo yokuzuza okukhulu ebholeni ngokwenza iSuperSport United, eyayithathwa njengamaqembu nje ngaleso sikhathi, yaba ngamanye abhincisela nganxanye izimfivilithi.

Ukhombise ubuhlakani obuphandiphandiwe waze washiya iSuperSport inqobe izindebe ezimbili ngaphambi kokwenyukela kwiBafana Bafana aqala njengephini wagcine esenikwe umsebenzi wokuba yinhloko. UDABA OLUGCWELE KUMAFRIKA

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here