Izikotshi nesivivinyo esinqala ku-Rassie Erasmus

0
831

UKWAZANA kwabaqeqeshi baMabhokobhoko uRassie Erasmus nowe-Scotland, uGregor Townsend, kuzokwenza umdlalo wangoMgqibelo ntambama e-BT Murrayfield Stadium e-Edinburgh uhlabahlose.

U-Erasmus wake wamqeqesha uTownsend ngesikhathi esasebenza eqenjini i-Munster kanti uthe uyayiqonda indlela enza ngayo izinto.

Abagcinanga lapho njengoba sebake bahlangana ngesikhathi uTownsend esesebenza njengomqondisi kwi-Glascow Warriors.

“Ngimazi kahle uGary ngesikhathi esifishane ngisebenza naye ngaphambilini. Indlela aqeqesha ngayo ngiyayazi. Amaqembu avamise ukusebenza nawo ahlale efithi futhi ehlelekile nxa zonke,” kusho u-Erasmus.

Okunye okukhumbulekayo ngala madoda ukuthi axabana ngemuva kokukhishwa emdlalweni we-Champions Cup.UDABA OLUGCWLE KUMAFRIKA

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here