Ingulube isibuyele odakeni ngombango ku-NFP

0
212
UNKK Zanele kaMagwaza Msibi

SEKUFUFUSA olunye uqhekeko phakathi kwabaholi be-NFP abasanda kukhumelana umlotha.

Lokhu kungemuva kokuthi ubuholi baleli qembu kuzwelonke nobaKwaZulu-Natal obusanda kugijimisana ezinkantolo sebuqale phansi ukujikijelana ngamazwi.

Ubuholi bukazwelonke beseka uMengameli weqembu, uNkk Zanele kaMagwaza-Msibi, ekutheni aqhubeke ahole kanti ngakolunye uhlangothi obalesi sifundazwe bufuna uSihlalo wabo, uMnu Vikizitha Mlothswa, athathe lesi sikhundla ngenxa yokuthi uNkk kaMagwaza-Msibi akasaphilile kahle kulandela ukuhlaselwa yisifo sohlangothi.

Lo mbango uholele ekutheni kuxoshwe uMnu Mlotshwa noMnu Bonga Nzuza bobabili abangamalungu esiShayamthetho saKwaZulu-Natal ngoba besolwa ngokudala uqhekeko eqenjini.

Ukuxoshwa kwabo kubuye kwahoxiswa emuva kokuthi zombili izinhlangothi sezithelelene amanzi futhi sekuqokwe nekomiti lesikhashana eselihola kulandela ukuhlakazwa kobuholi obebukhona. Leli komiti lakhiwe abantu bazo zombili lezi zinhlangothi.

Kuthelelwane amanzi ngenhloso yokuthi leli qembu liye okhethweni lwangonyaka ozayo libumbene.

Kodwa le mizamo isibonakala ishabalala njengoba sekuphinde kwaqala phansi ukujikijelana ngamazwi.UDABA OLUGCWELE KU UMAFRIKA

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here