I-IFP ihlukene phakathi ngozophatha uMasipala

0
116

BUNGASE buphinde buchitheke bugayiwe ngokuqokwa kweMeya noSomlomo kaMasipala iNdumeni eDundee njengoba ubuholi bukazwelonke be-IFP nobendawo bungaboni ngaso linye ngokumele bathathe lezi zikhundla.

NgoLwesine olwedlule leli qembu langena ehlazweni liphoqeka ukuba lihlehlise ngemizuzu yokugcina ukukhethwa kwamakhansela ukuvala lezi zikhundla emuva kokuba kuvele ukuthi ubuholi bukazwelonke buphethe amanye amagama kanti nobendawo bunawawo.

Kwavela ukuthi ithimba elibhekele ukutshalwa kwamalungu ezikhundleni lifuna uMnu Siyabonga Ndlovu kwesobuMeya bese kuthi kwesikaSomlomo kungene uMnu Karl Karense. Ngakolunye uhlangothi ubuholi besiyingi eDundee bona babufuna uMnu Bhunu Buthelezi kwesobuMeya bese bufolosa ngoMnu Thabani Mlotshwa kwesikaSomlomo. Sekuwumlando ukuthi lezi zikhundla zivuleke ngokukhonjwa indlela kukaMnu Siboniso Mbatha obeyiMeya noNkk Bongiwe Mbatha-Mkhathini obenguSomlomo.

Ngokuthola komAfrika, le nkinga ibingakaxazululeki kodwa amakhansela athole izincwadi zokuthi umkhandlu uyahlala kusasa ngoLwesihlanu. Bekungakacaci ke ukuthi yiluphi uhlangothi olugobe uphondo lwavuma ukwehlela ngezansi ngoba nasemhlanganweni womgwamanda oba njalo ngoMsombuluko kuthiwa aluphathwanga lolu daba kwazise uMengameli weqembu, Inkosi Mangosuthu Buthelezi, ibengekho kuwona. UDABA OLUGCWELE KUMAFRIKA

 

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here