UMaseko usakhomba uZuma kwelama-Gupta

0
318
UMNU Jacob Zuma

OWAYEYINHLOKO yezokuXhumana kuHulumeni, uMnu Themba Maseko, uphinde wakugcizelela ukuthi owayenguMengameli wezwe, uMnu Jacob Zuma, wamcela ukuba asize umndeni wakwa-Gupta ukuthola izikhangiso zikahulumeni ezazizongena ephephandabeni lawo eselavalwa iThe New Age.

UMnu Maseko ubethula ubufakazi izolo ngoLwesithathu kwiKhomishini ephenya ngokuqhwagwa kombuso eholwa iPhini leJaji eliKhulu, uJaji Raymond Zondo, ehleli eParktown, eGoli.

UMnu Maseko waba owokuqala ukukhomba ngomunwe uMnu Zuma ekubeni nobudlwelano obungalungile nomndeni waka-Gupta.

Ubufakazi bakhe bugxile kakhulu kumqulu awubhala ngo-2016 nabanye ababengabaqondisi-jikelele abangu-27, okubalwa kubona uMfu Frank Chikane no-Advocate Vusi Pikoli, bexwayisa ngenkohlakalo yomndeni wakwa-Gupta.

Uthe bancane abantu abazimesele manje ukuphumela obala bafakaze kule Khomishini ngoba isimo sepolitiki asisafani nakudala.

Utshele iKhomishini ukuthi incwadi yakhe enezinsolo ngoMnu Zuma yaqhamuka ngesikhathi owayenguNobhala-jikelele we-ANC, uMnu Gwede Mantashe, ememezela ukuthi abanolwazi nobufakazi ngokuqhwagwa kombuso abavele.

Uthe emuva kwalokhu wahlangana noMnu Mantashe ekomkhulu le-ANC eGoli, iLuthuli House, wamtshela ngezinsolo zakhe. Uveze ukuthi kulowo mhlangano uMnu Mantashe wamcela ukuba azibhale phansi zonke izinsolo zakhe bese emthumelela zona. Lokhu uthe wakwenza.

Udalule ukuthi uMnu Zuma wamcela mathupha ukuthi asize abakwa-Gupta okuyinto eyenzeka esaphethe ezokuxhumana kuhulumeni, iGovernment Communication and Information Systems (GCIS).

Uthe wathintwa uMnu Ajay Gupta owamsongela ngokuthi uma engayenzi into abayifunayo uzoba senkingeni.

“Bangicela ukuthi ngephule umthetho wakuleli,” kusho uMnu Maseko ekhuluma ngabakwa-Gupta.

UMnu Maseko wabe esexoshwa esikhundleni sakhe ngo-2011.

Uthe kusukela ngalo nyaka usefakazile ophekweni lwamaphoyisa ama-Hawks, kuMvikeli woMphakathi nabezindaba mayelana nabakwa-Gupta.

 

Uthe ngo-Ephreli nonyaka wathola ucingo luphuma kuma-Hawks efuna ukuhlangana naye mayelana nemininingwane awanikeza yona.

Uthe oKlebe base bekulindele ukubopha u-Ajay noMnu Zuma kusukela ebufakazini bakhe kodwa lokhu kwagcina kungenzekanga futhi akanikwangwa isizathu esenza ukuthi bangaboshwa.

Uthe: “Kwathiwa lolu daba alusalandelwa angikhululeke.”

U-Advocate Vincent Maleka, obehola ubufakazi bukaMnu Maseko, uthe ikhona indlela aziphatha ngayo ama-Hawks esiqala ukuvela.

U-Adv Maleka ubekhuluma ngobufakazi bukaMnu Mcebisi Jonas owayeyiPhini likaNgqongqoshe weziMali noNkk Vytjie Mentor owayeyilungu lePhalamende le-ANC, abethule ubufakazi kule Khomishini nabo abakhalaza kuma-Hawks kodwa angenza lutho.

UMnu Jonas, obe owokuqala ukwethula ubufakazi kule Khomishini ngoLwesihlanu, wathi abakwa-Gupta bamethembisa imali ewu-R660 million nomsebenzi wokuba ungqongqoshe wezimali uma engasebenzisana nabo.

 

Utshele iKhomishini ukuthi lolu daba walubika koKlebe kodwa angalulandela kunalokho bazama ukushintsha isitatimende sakhe.

NoNkk Mentor utshele iKhomishini izolo ukuthi u-Adv Alois Mtolo, osebenzela ama-Hawks, wazama ukumsayinisa isitatimende esehlukile kunalesi asifakile.

Abameli bakwa-Gupta, uMnu Zuma no-Adv Mtolo bafake sicelo kuJaji Zondo ukuthi banikezwe ithuba bahlole ubufakazi bukaMnu Jonas, uNkk Mentor noMnu Maseko.

Izolo sishicilele uMnu Maseko esaqhubeka nokwethula ubufakazi.

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here