Yilowo nalowo ulwa eyakhe impi kusongwa eye-PSL

0
66

LINDA XIMBA
SEKUNGUMLANDO ukuthi iMamelodi Sundowns ingompetha abasha besizini ka-2017/18 kanti iPlatinum Stars isigawulwe izembe, kodwa amaqembu angu-14 e-Absa Premiership asahlalelwe ukufeza izinjongo zawo ngemidlalo yokusonga isizini ezokuba ngoMgqibelo.
Amehlo azobuye athi njo kuRodney Ramagalela wePolokwane City no-Percy Tau we-Sundowns ababambene ngamagoli angu-11 kwabasethubeni lokuba umdlali ophambili ngamagoli kule sizini ephothulwayo.
CAF Confederations Cup
Njengoba i-Orlando Pirates isizibekiselile indawo yokuyodlala kulo mqhudelwano wase-Afrika ngokulala endaweni yesibili, sekulele emaqenjini amabili azolwela ukungena kweyesithathu.
Lawo yi-Kaizer Chiefs neMaritzburg United nokho abanemidlalo enzima kwazise amaqembu abazobhekana nawo awafuna kakhulu amaphuzu aphelele.
I-Chiefs izovakashela i- Ajax Cape Town ebalekela izembe njengoba ihlezi endaweni yesibili uma kusukwa emsileni kwi-log.
I-Maritzburg yona izogadulisana ne-Lamontville Golden Arrows ehlezi endaweni yesikhombisa ezothandazela ukuthi amaqembu angaphezu kwayo ahlulwe bese ingena ku-Top 8.
Uma i-Team of Choice yehlulwa eHarry Gwala izoba nalo ithemba lokuyodlala e-Afrika uma ingehlula i-Free State Stars kwifayinali ye-Nedbank Cup eCape Town emasontweni amabili azayo.
Top 8
Njengoba i-Sundowns, Pirates, Chiefs, Maritzburg, Cape Town City ne-Free State sebezibekisele indawo yokudlala kwi-MTN8 ekuqaleni kwesizini ezayo, i-Arrows, AmaZulu ne-Chippa United banethuba lokungena namaqembu ayisishiyagalombili bese beyodlala lo mqhudelwano oklomelisana nesigidi sika-8 million.
Kodwa lokho kuzoncika ekutheni i-Arrows iyadlula kuMaritzburg, uSuthu luhlula iCape Town City, iChippa ishaye iPolokwane City ekuhambeni.
Kuzomele Usuthu luthandazele ukuthi iWits neCeltic badliwe emidlalweni yabo.

Play-offs
I-Ajax, SuperSport United, Polokwane City ne-Baroka basengozini yokudlala ne-Black Leopards eqede endaweni yesibili ku-NFD kanye neJomo Cosmos elale isithathu.

Isiyonke imidlalo ezoqala ngo-3 ntambama imi kanje:
Pirates v Free State Stars (Orlando Stadium), Maritzburg United v Arrows (Harry Gwala), Chiefs v Ajax (Cape Town Stadium), Polokwane City v Chippa (Old Peter Mokaba), Platinum Stars v Bidvest Wits (Royal Bafokeng), Bloem Celtic v Sundowns (Dr Molemela Stadium), SuperSport United v Baroka FC (Lucas Moripe), AmaZulu FC v Cape Town City (King Zwelithini)

Iqembu P W D L F A GD P

Sundowns 29 18 5 6 49 24 25 59
Pirates 29 14 10 5 39 25 14 52
Chiefs 29 11 12 6 25 21 4 45
Maritzburg 29 11 10 8 35 22 13 43
CT City 29 11 7 11 26 26 0 40
FS Stars 29 10 10 9 28 29 -1 40
Arrows 29 8 13 8 35 33 2 37
Chippa 29 7 15 7 26 25 1 36
Celtic 29 8 12 9 25 32 -7 36
Wits 29 9 9 11 27 35 -8 36
AmaZulu 29 8 11 10 29 35 -6 35
Baroka FC 29 7 13 9 32 37 -5 34
Polokwane 29 6 15 8 30 33 -3 33
SuperSport 29 7 12 10 24 30 -6 33
Ajax 29 8 7 14 26 31 -5 31
Platinum 29 4 9 16 20 38 -18 21

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here