Kubukeka eZimnyama seziwuvalile umnyango kuJali

0
222

LINDA XIMBA
SEKUVELE ukuthi ukuba nekhanda elishisayo kuka-Andile Jali yikhona okwenze wangabuyela kwi-Orlando Pirates ayishiye kumasizini amane adlule wayodlala eBelgium
Ngokuthola komthombo waleli phephandaba omunye wabasizi bomqeqeshi baka-Micho Sredojevic uphakamise ukuthi ukubuyiswa kukaJali kungadala izinkinga ekhempini kwazise abaqeqeshi basebenze kanzima ukukhuculula abadlali abazithwele nokufaka ubumbano kubadlali.
Lo mthombo ubuhambele isiphihli sephathi emzini kaJali eSunninghill ePitoli lapho ebejabulela ukubuyela kuleli nokuthi sekuseduze aqede konke nama-Brazillians, athembisa ukumnika imali ecishe ilingane nabeyihola eBelgium.
UJali udume ngokungawubambi umshini enkundleni nangaphandle kwayo okwenza abanye bamthathe njengokhandashisa.
Umthombo uthe: “U… (egagula igama lalo mqeqeshi) ulibeke ngesihloko ukuthi uJali muhle impela kodwa wesaba ukuthi engafika abe yizambane elibolile kwazise uyathandwa nawusihlalo weqembu u-Irvin Khoza. Njengoba besebenze kanzima ukufaka endleleni abadlali abese bezithwele babuye bahambisa abanye, lo mqeqeshi ubona kuzofana nokuphindela emuva uma bengalanda umdlali onjengoJali.”
Yize kunjalo umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, kuthiwa ubekele umgomo uJali emhlanganweni abe nawo naye nemenenja yakhe uMike Makaab ukuthi kumele aziphathe kanjani uma egcina ngokufika eChloorkop.
Osekusele ukuthi bavumelane ngemali esibekiwe etafuleni kanti uMosimane kuthiwa uJali umfunela ukwakhela phezu kwakhe kwazise usezuze isipiliyoni sokudlala phesheya.
UMosimane, ekhuluma nabezindaba emasontweni adlule, wakubalula ukuthi inkinga engaba ngoJali indlela aziphatha ngayo. “Ngiyamthanda u-Andile. Ngisebenzile naye kwiBafana. Uwuhlobo lomdlali olwayo enkundleni nengimdingayo. Kodwa uma uzosayina umdlali kumele ubheke izinto eziningi. Kumele ngivikele i-dressing room yami ngoba nginabadlali abancane futhi abangenawo umsindo. UPercy Tau uyazithulela, uSugar Mabunda uyathula ngokunjalo noHlompo Kekana, Sibusiso Vilakazi, Tebogo Langerman noThapelo Morena. Ukhumbule ukuthi eminyakeni edlule senza amaphutha lapho saletha abadlali abasidalela umsindo,” kusho uMosimane, ozibambela mathupha ezingxoxweni zezinkontileka zabadlali nezimenenja zabo.

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here