Umshayisibhakela ifuna ibhande ‘aliphethe ngegama nje’

0
1509

LINDA XIMBA UMPETHA we-IBF All Africa Bantamweight, u-Innocent “Tycoon” Mantengu, ukhala ngokungaliboni ibhande alinqoba ngonyaka odlule. UMantengu, owahlula uSiphosethu Mvula ngamaphuzu e-Orient Theatre eMdantsane ngoJulayi wonyaka odlule, ulivikele okokuqala ngamaphuzu kanzima ku-Doctor Ntsele ehholo lakwaMsane ngakubo eMtubatuba ngempelasonto. Esekhuluma nabezindaba ngemuva kwempi, uMantengu uveze ukudumala ukuthi uzogoduka engaliphethe ibhande ekubeni umndeni, izihlobo nabangani abebephume ngobuningi bezomeseka bafuna ukubona ukuthi yini lena ayilwelayo. Leli phephandaba lithole ukuthi umqhathi wempi yaseMdantsane, uTeris Ntutu, we-Rumble Africa Promotions unqwahe nalo ngamabomu ngoba kunemali ewumthetho ayikhokhela le nhlangano. Imvamisa abanye abaqhathi bezimpi bayawagodla amabhande kodwa uma ibhokisa lifaka isimangalo bayaphoqeleka ukuthi bawadedele. Lo Ntutu onqabe nebhande likaMantengu uke waba sematheni ngonyaka odlule ngakubo e-East London ngesikhathi eboshwa oKlebe waze wavela enkantolo eButterworth Magistrate’s Court ngamacala enkohlakalo angahlangene nesibhakela. Uma sibuyela empini, uMantengu ulwise okukampetha njengoba engamthathanga kancane uNtsele, okhombisile ukuthi ubefuna ukukhala amuke naso lesi sicoco. Umpetha akafunanga ukudukiswa izihlwele ebezijabulela izibhakela abezidedela njengoba ubegadla abuye abuyele nganeno. Phela uNtsele uyinkunzi emidwayidwa kanti ukhombisile ngendlela abehlasela ngayo uMantengu kodwa wakwazi ukubaleka zangayithola zonke indawo abeyisophile. UNtsele ukhale ngokubanjwa inkunzi, wathi engayijabulela impinda. UMantengu uthembise ukuthi uzomphinda. UThulani “Nkunzi” Magudulela, obeqhathe lesi sibhakela, ebesihanjelwe nayiMeya yaseMtubatuba uVelangenkosi Gumede, uncome izinga elikhonjiswe amabhokisa abewaqhathile. Uncome nomphakathi ophume ngobuningi bawo ukuzoseka abafana baKwaZulu-Natal abebelwa nabase-Gauteng. Kucacile ukuthi abantu bendawo basilambele isibhakela njengoba bejabule kusuka empini yokuqala kwaze kwafikwa ekugcineni. Okugqamile kuloya mqhudelwano ukubambisana kweLudonga Boxing Promotions kaMagudulela ne-Starline Promotions kaZandile Malinga. Kuvele ukuthi indlala esifundazweni kungenzeka ibe umlando njengoba uMnyango weZemidlalo esifundazweni uhlela ukuxhasa imiqhudelwano njalo ngemuva kwezinyanga ezimbili.

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here