0
145

IMPUMELELO yeMamelodi Sundowns enkundleni iqala ehhovisi layo eliqashe abantu abaqotho nabanohlonze emsebenzini walo.
Lokhu kuhlaluke engxoxweni yaleli phephandaba nomxhumanisi weSundowns nabezindaba nomphakathi uThulani “TT” Thuswa ngesikhathi ebuzwa ngokuthi yini eyehlukile abayenzayo kunamanye amaqembu aku-Premiership.
Kukhulunywa nje iSundowns iyona ehamba phambili ngokunqoba isicoco seligi amahlandla amane.
Ngaphansi kobuholi buka-Pitso Mosimane, owafika ibhacaza ngo-2012 sekuphele amasizini amane ingayazi indebe, isinqobe izicoco ezimbili zeligi, ese-CAF Champions League, CAF Super Cup yaze yadlala kwi-Fifa Club World Cup.
Nokho uThuswa udwebe isithombe sokuthi iqembu labo lihlelekile njengoba umphathi walo uPatrice Motsepe eqashe abantu abenza imisebenzi yabo ngokwehlukana ngobuqotho ekuqinisekiseni ukuthi kwezokuphatha akukho phutha.
Kakade le njinga enguMotsepe inerekhodi elihle lokusebenza ezinkampanini ezibalwa nezihamba phambili ezwenikazi lakuleli naphesheya.
Echaza uThuswa uthe uMotsepe ungumuntu ohlale efuna izinselelo ezintsha nokukhula entweni ayenzayo.
“Yize abantu bethi iSundowns isikuzuze konke lapha ekhaya kodwa uMotsepe usaqhubeka nokufuna ukukhulisa igama le-Sundowns emehlweni omhlaba njengoba ubematasa nathi singazi, wathola umdlalo wesihle ne-Barcelona.
“Cabanga nje ukuthi kuzolikhulisa kanjani igama leSundowns ukudlala ne-Barca esinqoke amahlandla amahlanu i-Uefa Champions League. Okunye akuhlosile uyazi ukuthi kuzodayiseka abadlali bethu njengoba wonke amehlo omhlaba azobe ebheke lo mdlalo ongowokubungaza uTata Nelson Mandela ngesonto elizayo e-FNB Stadium.”
Echaza ngabantu asebenza nabo kwibhodi, uthe wakhetha labo abathembayo iningi labo elenza nemisebenzi yeMotsepe Foundation ne-Kay Motsepe Cup, eyingxenye yemisebenzi abuyisela ngayo emphakathini.
Kuvele nokuthi uMotsepe imihlangano nezinye izisebenzi zakhe uyibiza ngisho ebusuku uma eseputshukile kweyakhe ayenza emini.
UThuswa uthe akugcini lapho njengoba nabantu abaqasha ekuphathweni kwezimali abantu abangadedeli imali kalula. “Uzokhumbula ukuthi phambilini nami ngingakafiki lapha ekhaya, iSundowns ibinganqeni ukuqasha abaqeqeshi baphesheya ngezimali ezishisiwe, kuthi uma bengawenzi umsebenzi bagoduke netshe lemali lesinxephezelo. Bekunjalo nakubadlali, kuthengwa noma ubani. Okushintshe izinto ukufika kukaPitso, obe nomhlangano omude babonisana ngalo mkhuba. Uma ubheka manje iqembu seliyayenza inzuzo nayo nakhu phela sesidayise oBongani Zungu no-Keagan Dolly emaqenjini aphesheya. Maduze ungathuki uma uPercy Tau naye simdayisela iqembu. Ngamanye amazwe ukubonisana ngokwakha, hhayi ngokuthi omunye umuntu ufuna ukuzuza yedwa kulisebenzele iqembu.”
Ebuzwa ngomsebenzi kaTrott Moloto, abaningi abakholwa ukuthi kawukho, ubabaze kakhulu ikhono lale ndoda eyake yaqeqesha nakwiBafana Bafana. “UPitso uzungezwe abantu abalithandayo ibhola futhi abanezifiso ezifanayo zeqembu. Emhlangaweni wakwa-technical, umbono wabantu abanjengo-Trott noMike Ntombela engakahambi, babewuthatha oPitso nethimba lakhe oManqoba, Rhulani noWendell. Omunye umsebenzi ka-Trott wukuhamba eyohlwaya abadlali emazweni ase-Afrika bese abuye abe nemihlangano nezinye izinhloli ezisuke zithunyiwe.”
Okunye akuvezile uThuswa ukuthi uMosimane uyasebenzisana nabaqeqeshi basenkulisa njengoba njalo ngesonto eba nesikhathi nabo.
Uthe umqeqeshi ka-Under 17, uGodfrey Sapula, usebenze no-Tau ngo-2012 ngaphambi kokuthi abolekwe kwi-Witbank Spurs.
Kunomunye umqeqeshi osenyamalele emehlweni abantu abaningi uSam Mbatha, oyinhloko yenkulisa. UMbatha, owancela ulwazi olunzulu ku-Ted Dumitru, wayekhona kuqalwa i-School of Excellence eyakhiqiza abadlali abanjengo-Steven Pienaar, Zitha “Ninja” Mofokeng, Dillon Sheppard no-Daine Klate.
Lolu lwazi lokubona nokupholisa ikhono useludlulisele kubaqeqeshi bezinhlaka ezincane eqenjini.
Omunye umuntu okuthiwa ukhaliphile ehhovisi leSundowns uYogesh Singh, ogxila ezintweni ezithinta umthetho uma kuqhamuka izinxushunxushu zamankontileka.
Naba abantu abasebenza ehhovisi eChloorkop kodwa abangekho emehlweni abantu:

Erik Hamrén: umqondisi webhola jikelele
Abasenkulisa: Sam Mbatha (Head of Development), Floyd Mogale (Chief Scout).
Tina Lesita (osebenza e-reception)
Boniface Motsepe: (HR and Administration)
Ibhodi: Dr Rejoice Simelane, Freddy Greaver, Adv Andrew Matube, Andre Wilkens noSandile Langa.
Abasehhovisi lokuphatha: Yogesh Singh (Acting General Manager), Christo Pieterse (Group Financial Manager), Natasha Kruger (Financial Manager), Alex Shakoane (Supporter Mobilisation Manager), Belinda Ndlovu (Administration Manager), Daniel Mudau ( Supporter Co-ordination Manager), Charles Ferreira (Facilities & Projects Manager).

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here