Usazothi ukutoka oboshwe kamuva ngokuchitheka kwegazi eGlebe

0
186

INTATHELI YOMAFRIKA
UGCINWE esitokisini owesilisa obefunwa uthuli amaphoyisa ngamacala ayamaniswa nodlame lwasehostela iGlebelands eMlazi.
UBongani Mbhele (38) uvele eNkantolo yeMantshi eMlazi izolo ngoLwesithathu icala lakhe lahlehliselwa umhla ka-10 Meyi nonyoka ukuze kuqhutshekwe nophenyo.
Lo msolwa obefunelwa amacala okubualala nokuzama ukubulala enzeka eGlebe nase-Montclair ngo-2015 nango-2016, uboshwe ngoLwesibili. Usolwa ngokubulala uMnu William Mthembu noMnu Thokozani Machi ngaphandle kwesitolo eMontclair kanye nokudubula alimaze uMnu Fezeka Njiyelo (29) eGlebe ngo-2016.
Uboshwa nje sekuvele kunabanye okuhlanganisa nephoyisa abasejele ngamacala ahlobene nodlame lwase-Glebe.
Laba basolwa uSergeant Bhekukwazi Mdweshu, umfowabo uMatlala Mdweshu bobabili laba kuthiwa badabuka eNikhwe eMbizana, e-Eastern Cape, kanti bebehlala khona ehostela. Abanye uKhayelihle Mbuthuma, uVukani Mcobothi, uWonderboy Hlophe, uDoris Kati-Odwa noMahliphiza Mkhize abashaqwa uphiko lwamaphoyisa oluyisipesheli ngonyaka odlule olwajutshelwa ukuphenya ngokubulawa kabantu abangaphezulu kwekhulu kuleli hostela kusukela ngo-2014.
IKhomishini ka-Advocate Marumo Moerane, eyaqokwa uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Willies Mchunu, eminyakeni emibili eyedlule ukuphenya ukubulawa kosopolitiki kulesi sifundazwe, isonga ukulalelwa kofakazi ngezigameko zokubulala yasola i-ANC noMasipala weTheku ngodlame lwakuleli hostela.
Umasipala wagxekwa ngokwehluleka ukulawula udlame lwezepolitiki kuleli hostela nokwehluleka ukulalela abahlali ababefuna ukuba kususwe ikhansela elithintekayo kulolu dlame.
Emuva kwalokhu iMeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede, yathi bazolwa kuze kunqamuke izandla ukuqeda ukubulawa kwabantu kuleli hostela.
Ikhuluma emhlanganweni wesigungu somkhandlu, yathi bakhathazekile ngodlame, ubugebengu nokubulawa kwabantu emahostela.
Yaveza ukuthi iPhini layo elinguSihlalo wekomiti lezokuphepha nezimo eziphuthumayo emkhandlwini, uNkk Fawzia Peer, lizobamba umhlangano namaphoyisa ezingeni lesifundazwe.
“Kumele sibheke izindlela ezingasisiza ukubhekana nobugebengu. Sesizame izisombululo eziningi ezifana nokwandisa isibalo samaphoyisa kodwa ukubulawa kwabantu kusaqhubeka, noma kunjalo ngeke siphele amandla,” kusho iMeya uGumede.
Yathi bazosebenzisana nohulumeni kazwelonke nowesifundazwe ukuthola isixazululo sangunaphakade.

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here