UMshibe uchaza ngokukhula ndawonye nomufi uPhakathi

0
155

“UBENGAKUTHANDI ukuhlala ebhentshini futhi ubefuna ukuthi njalo uhleze umphasela ibhola, kungenjalo ubekudla akufele”.
Usho kanje uNhlanhla “Popo” Mshibe, obengumngani wokuqina kaBheka Phakathi owedlule emhlabeni ngempelasonto engozini yemoto eGreytown.
Laba bobabili bakhule ndawonye elokishini eLamontville, badlala ku-Golden Arrows eminyakeni eyedlule.
UPhakathi, oshone eneminyaka yobudala engu-43, ubengumqeqeshi woMvoti FC okuyiqembu le-ABC Motsepe League elanyelwa yinyoni esandleni ngokuqasha uPhakathi njengoba ekwaze ukulifaka kuma-play offs okukhuphukela ku-National First Division (NFD).
Echazela leli phephandaba, uMshibe uthe usuka kude kakhulu noBheka.
“Siqale ezikoleni zamabanga aphansi sidlala naye ibhola elokishini eLamontville. Yena ufunde Ekukhuleni Primary ngakubo, nami ngafunda kwesingasekhaya eBantuvukani. Sidlale ndawonye ku-Under 12 eqenjini elaliqanjwe ngegama likaswidi iSegasi. Sibe sesidlala ndawonye naku-Under 14 eqenjini iLamontville Scomeboys. Sisuke lapho sayodlala eqenjini elaziwa nge-Junior Aces nokuyilapho engingathi sagqama khona. Nhlanhla leyo uRocky Madlala waba esethenga isitifikeni seNtokozo FC. Ngenxa yokuthi wakulandela ukudlala kwethu sisebancane, wavele wathi asibuyele ekhaya eLamontville, sadlalela i-Arrows. Nathi asinanazanga, sobabili sajoyina iqembu,” kuchaza uMshibe oqeqesha iqembu likanobhutshuzwayo lase-Durban University of Technology (DUT).
Ngemuva kokushona kukaPhakathi, abaningi bamchaze njengomuntu obezilungele futhi onesizotha. NoMshibe ugcizelele lapho waphinde waveza ukuthi ubewuthanda kakhulu umndeni wakhe.
UMshibe uphinde wachaza ngokuqashwa kukaBheka Phakathi nguMvoti FC.
“UMlisa ubesehleli ekhaya ngemuva kokushiya ku-Royal Eagles. Ngabe sengimtshela ukuthi iMangosuthu University ifuna umqeqeshi ozocija iqembu lakhona. Ngamtshela ukuthi akahambe eyobamba khona okwesikhashana izinto zize zihlangane. Uma ngingaphosisi ubambe inyanga namasonto, ngabe sengifonelwa yisikhulu soMvoti uBonginhlanhla Gwala, owaveza ukuthi udinga umqeqeshi onesipiliyoni futhi ohlonishwayo. Ngabe sengiphakamisa igama likaBheka, nangempela bathintana wawuthola kanjalo umsebenzi,” kuchaza uMshibe.
Ngokusho kukaMshibe, uBheka Phakathi ubenesitifiketi sokuqeqesha uLevel 2, kanti ne-Arrows ike yamthumela phesheya eNetherlands ngenhloso yokumhlomisa ngekhono lokuqeqesha. Uveze ukuthi bezikhona nezinye izitifiketi akade esezenzile zakho ukuqeqesha.
Ngabe igama lezidlaliso elithi “Mlisa” walithola kanjani uBheka Phakathi?
“Lelo gama ngelikayise, empeleni akulona nelakhe. Yinto efana ncamashi nami njengoba igama lami lezidlaliso bengibiza ngoPopo. Akulona elami. Igama likamfowethu omdala owayedlala ibhola, base balidlulisela kumina,” kuchaza uMshibe efa yihlaya.
UMshibe uthe iNingizimu Afrika ilahlekelwe umqeqeshi osemncane obesaya kude. Uthe ubelazi futhi eliqonda ibhola lesimanje futhi ewuthanda umsebenzi wakhe.
UPhakathi uzofihlwa ngeSonto.

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here