Limchithile icala owabulala isipatsha esasingumakhwapheni wakhe

0
90

INTATHELI YOMAFRIKA
UTHOLWE enecala lokubulala, ukushaya ngenhloso yokulimaza nokuqambela inkantolo amanga uSandile Mantsoe (28) owabulala kabuhlungu isinqandamathe sakhe uNksz Karabo Mokoena ngonyaka owedlule.
UMantsoe utholwe yiNkantolo eNkulu yase-South Gauteng enecala izolo ngoLwesithathu emuva kokubulala le ntokazi maqede wayishisa ngomlilo ezama ukucima ubufakazi.
“INkantolo igculisekile ukuthi umbuso unobufakazi obuqanda ikhanda okuthi umsolwa wambulala uNksz Mokoena ngesihluku,” kusho iJaji elibambile uPeet Johnson.
Lethula isinqumo iJaji uJohnson lithe: “Umsolwa uzame ngayo yonke indlela ukufihla ubufakazi bokubulala le ntokazi ngo-Ephreli 2017. Akazange futhi akhombise nokuncane ukuzisola ngakwenza. Siyazi futhi ukuthi umngani kamufi, uNkzs Stephanie Leong, wambuza ephindelela umsolwa ukuthi ngabe akamazi yini umufi ukuthi uye kuphi kwazise kwase kuyisikhashana anyamalala. Umsolwa wenza sengathi akazi ukuthi isinqandamathe sakhe siphi, kanti uthi lala lulaza bazokwengula. Inkantolo inobufakazi bokuthi umsolwa wayekuhlelile ukubalala umufi.”
Nakuba uMantsoe eliphikile icala kepha ukuvumile ukuthi wabhunyela umzimba kamufi ngophethiloli ne-acid wasishisa isidumbu. Emuva kwalokho wabe esehubhuza aluhlaza ethi umufi uzibulele.
IJaji uJohnson lichaze uMantsoe njengohubhu kabhejane, owazama ukwakha ubufakazi ngenhloso yokungabanjwa.
UMantsoe ushadelwe kanti unezingane ezintathu okuchaza ukuthi umufi wayengumakhwapheni wakhe.
Ukubulawa kukaKarabo kwaba undabuzekwayo ezinkundleni zokuxhumana kulandela ukutholwa kwesidumbu sakhe umuntu owayezidlulela sishisiwe eLyndhurst, eGoli.
Esitatimendeni esafundwa enkantolo phambilini, uMantsoe wathi umufi wayejwayele ukumshaya nokuthi waba nokudinwa nengcindezi emuva kokudlwengulwa umngani wesithandwa sakhe sakudala.
Waphinde wenza izinsolo zokuthi umufi wayethanda impilo ephezulu.
Isigwebo kulindeleke ukuthi sikhishwe kungekudala.

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here