ITheku seliqalile ukuviliyela libheke embukisweni wezamabhizinisi

0
1886

INTATHELI YOMAFRIKA
IDOLOBHA iTheku selimi ngomumo ukwethula ngokusemthethweni umbukiso wezamabhizinisi, i-Durban Business Fair (DBF), kulo nyaka okuzobe kungeka-20 yasungulwa.
Kusasa ngoLwesihlanu iMeya kaMasipala weTheku, uNkk Zandile Gumede, izogeqa amagula ngohambo oseluhanjiwe nempumelelo ezuzwe ngalo mbukiso kule minyaka ewu-20 wabakhona.
“Sigubha okuhle iDurban Business Fair ekwenzile ukuheha abathengi bezinga eliphezulu abavela kuzona zonke izinkalo ezwenikazi i-Afrika kanye nokuthuthukisa nokugcina amabhizinisi endawo emile,” kusho iMeya uGumede.
Umcimbi wakusasa ozokwenzelwa e-Durban City Hall, ku-Church Walk, uzobe unezitolo eziwu-20 ezizobe zithengisa izinto ezahlukene okubalwa ukudla. Kuzobe kukhona abakhangisa ngemfashini nokunye okuningi.
Kulo mcimbi ozoqala ngo-12 emini uphele ngo-6 ntambama kungenwa mahhala.
Nonyaka umasipala ugubha iminyaka ewu-20 kwasungulwa lo mbukiso osusize osomabhizinisi abancane abaningi ngokubanika ithuba lokukhombisa nokumaketha imikhiqizo yabo.
Imigubho izoqala ngombukiso wezinsuku ezintathu wezindawo ezisentshonalanga yeTheku ozoba se-Hammarsdale Junction kusuka mhla ka-25 kuya ku-27 Meyi kophezulu. Umkhandlu umema osomabhizinisi abancane abafisa ukuba yingxenye yale mibukiso ezobe igabe ngezinto eziningi ezifundisayo ukuba babhalise ungakashayi umhla ka-16 Meyi.
Imibukiso yamabhizinisi ezifunda, iRegional Business Fairs, iyisendlalelo somkhulu, i-DBF, ozobanjelwa eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre mhla ka-18 kuya ku-23 Septemba nonyaka. Osomabhizinisi bayanxuswa ukuba bebe beqala ukubhalisela ukuba ingxenye ye-DBF.
Imibukiso yasezindaweni eziseningizimu nasenyakatho izoba ngoJulayi no-Agasti ngokwehlukana kanti zisazomenyezelwa izinsuku.
IMeya uGumede, ithe: “Le mibukiso isiyithuluzi ledolobha elibalulekile ekuthuthukiseni osomabhizinisi abancane futhi isikhule ngamandla yakwazi ukukhiqiza osomabhizinisi abaningi okuholele ekwehleni kwesibalo esiphezulu sabantu abangasebenzi.”
Awugcinanga lapho njengoba ufukule igama leTheku, isimo somnotho, ukudaleka kwemisebenzi nokuxhumana kosomabhizinisi.
Imininingwane ngale mibukiso iyatholakala emahhovisi kamasipala eBusiness Support, Tourism and Markets Unit, e-Embassy Building, eThekwini noma ngokungena ku: www.durban.gov.za.
Kungashayelwa uFezile Nzuza kwethi: 031 311 4500/031 322 9971 noma nge-email ethi: Nzuza@durban.gov.za.

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here