Isikhungo sokulolonga okuka sizovula ibhikawozi laso

0
1183

MTHOBISI HLABISA
INKAMPANI eyathuthuka ngokuqeqesha abemboni yokunakekela izivakashi, iHope for Future, igubha iminyaka elishumi ngokuthi isungule ibhikawozi ezokhiqiza izinhlobonhlobo zamakhekhe kubalwa nawomshado.
Umsunguli wale nkampani ezinze enkabeni yeTheku, uDkt Favour Mabaso, uthe le nkampani igubha le minyaka ngokuthatha igxathu lokuthuthuka ingene nakweminye iminxa kule mboni.
Uthe kusukela ngo-2008 isungulwa, ibigxile ekufundiseni ngokubhaka, ukupheka, ukuqeqesha ama-consultant embonini yezokuvakasha namanye amakhono akule mboni. Izifundo zokubhaka nokupheka ziba khona nsuku zonke ezindaweni ezahlukene esifundazweni iKwaZulu-Natal, iGauteng nase-Eastern Cape.
Uthe isinyathelo sokusungula ibhikawozi usithathe emuva kokulalela umphakathi obukhala ngokuthi amakhekhe abo uwagcina ngokuwezwa uma uhambele amakilasi okubhaka kuphela kanti ufisa ukuwadla noma unemicimbi emakhaya.
“Kusukela namuhla (ngoLwesine olwedlule) abantu bazokwazi ukuthola amakhekhe ethu akade kwasa bekhala bethi amnandi kodwa bagcina ukuwanambitha uma bezofunda ukubhaka kuphela. Manje sebezokwazi ukuthi bawa ode njengoba sesivule ibheyikha esemahhovisi ethu eThekwini. Leli yigxathu lokukhula kwebhizinisi njengoba ligubha iminyaka elishumi laba khona. Abazofika kuqala ukuzo oda ngenyanga yokugubha uMeyi bazozithola besenhlanhleni enkulu. Sibabekele induku emqubeni,” kubeka uDkt Mabaso

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here