Iseluleko ku-Billiat onesifiso sokudlala phesheya

0
69

UMDLALI weBafana Bafana, uDino Ndlovu, usexwayise uKhama Billiat ukuthi kuzomele aziphathe kahle uma egcina ngokusayinwa iQarabag yase-Azerbaijan.
UBilliat kuthiwa kungenzeka asayinwe yileli qembu obekudlala kulo uNdlovu ngaphambi kokuthuthela eChina lapho esemabhukwini eHangzhou Greentown.
“Iseluleko sami kuKhama ukuthi kuzomele azinikele u-100% uma efuna ukuhlala isikhathi eside eQarabag ngoba umqeqeshi wakhona, uGurban Gurbanov, akawubambi umshini. Empeleni ufana nomuntu ongatshelwa. Elakhe kuphela izwi elilalelwayo laphaya. Akabathandi abadlali abakhonze impilo yasebusuku. Phela loya mqeqeshi wazi konke ngedolobha lalaphaya. Uzokutshela ukuthi kumele ufike nini endlini uma ungakwenzanga lokho uzokuhlawulisa. Into abevamise ukuyenza ukuthi ngakusasa uzokubuza ukuthi ubukuphi, unobani nenzani. Uma ekubuza kanjalo usuke esazi ukuthi wenzeni ngayizolo. Akufunayo qha ukuthi abadlali bakhe bazinikele emsebenzini. Ngaleyo ndlela uma kuwukuthi uzogcina eye khona, kuzomele ashintshe ukwenza inkosi impela,” kusho uNdlovu. – Intatheli yeZemidlalo

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here