‘Izelelesi’ zasenkundleni iMabhida zinikwe ibheyili nesexwayiso

0
180

INKANTOLO eNkulu eThekwini inikeze abasolwa abathathu ibheyili ka-R1 000 umuntu ngamunye ngodaba lodlame olwenzeka enkundleni yezemidlalo, iMoses Mabhida Stadium, kuleli dolobha ngesikhathi iKaizer Chiefs ibhaxabulwa yi-Free State Stars ngo-2-0 kowe-Nedbank Cup ngenyanga edlule.
Abasolwa uKwezilomo Madiba (35) waseBizana, uSiphosenkosi Memela (32) waseChatsworth noSibongiseni Khumalo wase-Klaarwater (29) bavele enkantolo izolo ngoLwesithathu ukufaka isicelo sebheyili.
Laba babhekene namacala amathathu okudala udlame emphakathini, elokungena enkundleni ngaphandle kwemvumo, ukudicilela phansi impahla nokushaya.
Emuva kokuthola kwabo ibheyili icala libe selihlehliselwa umhla ka-25 Meyi kulo nyaka.
Ummeli kaMemela, uMnu Sipho Memela, unxuse inkantolo ukuba ikhulule umsolwa ngebheyili ngenxa yokuthi uyondla ekhaya.
“Nkosi yenkantolo ikhasimende lami linengane esengaphansi kweminyaka ewu-18 eyenza ibanga lesine eShallcross Primary School eyondliwa yilona njengoba lisebenza njengomshayeli wamaloli eKargo, ePinetown, lapho lihola u-R8 000 ngenyanga,” kusho ummeli.
Kuthiwa uMemela wakhahlela unogada ngesikhathi kubheduka udlame kuleya nkundla.
Ummeli kahulumeni, uNksz Anele Mveku, omele uMadiba noKhumalo uthe uKhumalo uhola u-R600 ngesonto lapho esebenza khona njengemenenja erenki kanti wondla izingane ezine.
UKhumalo uvela ezithombeni zesigameko saseMoses Mabhida ejikajika nomshini kamabonwakude ezithwebula.
UNksz Mveku ucele inkantolo ukuba inikeze uMadiba ongumshayeli wetekisi obonakala ethatha ibhokisi lekhamera kamabonwakude ngesikhathi salolu dlame ibheyili.
Ngesikhathi echaza uNksz Mveku isizathu sokuba imkhulule ngebheyili, uthe ungumuntu oqalayo ukutholakala enecala.
“Ikhasimende lami lesibili lingumuntu ongesona isixhwanguxhwangu kanti linomndeni eliwondlayo njengoba lisebenza njengomshayeli wetekisi lihola u-R700 ngesonto,” kusho uNksz Mveku.
IJaji Mohammed Motala lisamukelile isicelo sebheyili sabasolwa labanika imibandela emibili.
“Isicelo senu sokuthola ibheyili ngiyasamukela ngaphansi kwale mibandela emibili: owokuqala kufanele nifike futhi kule nkantolo ngosuku nesikhathi esinqunyiwe. Owesibili anivumelekile nanini ukuba niyobukela noma ngabe yimuphi umdlalo,” kusho iJaji uMotala.
Liphinde lagxeka isenzo sabo njengesibe nomthelela omubi edolobheni iTheku.
“Lo monakalo usudale ukuba abanye abantu bahoxise izinhlelo zokuvakashela le nkundla ekuleli dolobha ngenxa yokusabela izimpilo zabo,” kuphetha iJaji.
Kuboshwa laba abathathu nje, uPhelelani Jojisa (34) waba umsolwa wokuqala owaboshelwa lobu budlova kanti naye wadedelwa ngebheyili ka-R1 000 yile nkantolo ngeledlule.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uBrigardier Jay Naicker, utshele UmAfrika ukuthi njengoba uphenyo luqhubeka kusengenzeka senyuke isibalo sababoshwa ngaleli cala.
“Sikwazile ukubopha laba abathathu abavele enkantolo yaseThekwini esiqinisekisa ukuthi uphenyo lusaqhubeka futhi kungenzeka isibalo sababoshwayo siphinde sikhuphuke,” kusho Brig Naicker
Uphethe ngokunxusa abantu ukuba basize ngolwazi abanalo olungaholela ekuboshweni kwabanye ngaleli cala.

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here