Umqulu weNkululeko wanika abantu amandla, hhayi iqeqebana labaholi

0
235

Mhleli,
KUYADULA ukwakha igama lakho lapha emhlabeni kodwa ukulicima liphele nya kuthatha umzuzwana ongatheni. Ngokunjalo kwathatha iminyaka eyikhulu ukwakha iRome kodwa ngeshwa ukuyicekela phansi kwathatha usuku.
Nansi inhlangano endala, hhayi kuphela lapha eNingizimu Afrika. UKhongolose, mdala ngisho e-Afrika jikelele.
Unyaka ka-1912 owakudala kakhulu lapho khona kwahlangana izinjulalwazi zabona esikhulu isidingo sokuthi zakhe inqanawe, nokuyiyona eyayizomela wonke ama-Afrika ngokuthi ulwe nobandlululo, ngempela okwaba njalo. Umbutho wabantu siwubonile uzabalaza kanzima kusukela ekuqaleni uphikisana nobandlululo, kwaze kwaba sekugcineni. Baboshiwe abaholi baya eRobben Island abanye baya ekudingisweni ngenxa yokulwela njalo inhlalakahle yabo bonke abantu abacindezelwe.
Umbutho wabantu ngo-1955 uhlangene laphayana eKliptown kushicilelwa usomqulu wamalungelo abantu (Freedom Charter). Kukuwo lo somqulu okwashicilelwa kwathiwa abantu bayobusa. Nokho namhlanje akusenjalo ngoba sekubusa abaholi abathize nabangani babo.
Lo mbutho wabantu awakhiwanga ngesisekelo sokufukamela inkohlakalo lena edla lubi. Umbutho wabantu lokhu owawukulwela sekuyaphambana kanye nakho lokho manje osekwenzeka. Kubangwa izikhundla kuyabulawana ngoba kunemali kuzo lezi khundla.
Igama elihle lo mbutho wabantu lokulwela inkululeko ngeshwa nangebhadi selilimele ngabaholi abangene embuthweni ngoba nakhu befuna ukuzicebisa bona. Bheka njena namhlanje ngoba igama osekuyilo elikhulunywayo yilo kanye lozongena esikhundleni sikaMengameli (Jacob) Zuma, uma sekuphela isikhathi sakhe.
Mayelana nokuthi kulwelwe inhlalakahle yoluntu konke lokho sekuseceleni, okukhulu ngubani ozongena emva kaMengameli uZuma. Mina ngithi isigungu esikhulu siholwa nguNobhala-Jikelele, uGwede Mantashe, sixove saxova kwaze kwaba sekugcineni. Indlela esixova ngayo ngisho namanje akuzwakali ukuthi sithini ngaphandle kokubasa ukhuni lwedungamuzi.
Akukhona njalo ukuthi yingoba singekho isisombululo kodwa inkinga ukuthi kuyasekelwana ngezinhloso ezithize. Kwakumele kwasekuqaleni uma izinsolo ziqina ngoMengameli uZuma zokudayiswa izwe kubafo baseNdiya, avese ehoxiswe ekuphatheni izwe ngoba konke lokhu bese kuchaphazele igama lakhe. Empeleni hhayi igama lakhe kuphela kodwa negama lenhlangano uKhongolose.
Kwaphela njena uNobhala-Jikelele wombutho wayethi abafuni ukuthi kubaphinde lokho okwenzeka ngesikhathi bexosha ubaba uThabo Mbeki. Okwaqapheleka lapha ukuthi bona bakhathelele inhlangano ngaphezu kwezakhamizi zalapha eNingizimu Afrika. Yena kanye futhi uMantashe usethi umuntu okumele aphathe nguSekela Mengameli okunguMnu Cyril Ramaphosa. Yena kanye njalo uMnu Gwede Mantashe usegxeka uMengameli uZuma ukuthi uqhwandela owayengunkosikazi wakhe umama uNkosazana Dlamini-Zuma. Bona kanye abasesigungwini emaceleni basho izinto eziphambanayo esizweni. Ngiyaye ngizululeke ngengqondo ngizibuze ukuthi engabe abaholi laba, ikakhulukazi bepolitiki uma behlezi becababanga ngathi, thina bantu abasemazingeni aphansi, bayaye becabange ukuthi thina siyizinto zokukhohliswa ngokubanjwa ngezinkulumo ezingathi shu? Benze nje khona sizokholwa yibo kube sengathi asiboni ukuthi ungakanani umonakalo okhona.
Into abakhohlwa yiyo abaholi bepolitiki ukuthi balaphayana emaphalamende ngokuhlukana kwamazinga awo, babekwe yithi ngamavoti ethu. Thina esisemazingeni aphansi yithini esivotayo esinamandla okubakhipha siphinde sifake abanye ezikhundleni. Ngamafuphi yithina obasi kanye nabaqashi babo njengoba besemaphalamende.
Sithule njalo, hhayi ngoba singaboni siyabona, siyacabanga futhi siyahlaziya izinkulumo zabo kanye nokwenza kwabo bona abaholi bansondo. Kunjengayo imibono kaMgcinimafa kaKhongolose kuzwelonke, uDkt Zweli Mkhize, iphusile futhi iyezwakala. Mina engifuna ukucacelwa ngayo ukuthi uGubhela uyibhekise kubani noma kobani? Uma kungukuthi uyibhekise kithina esisemazingeni aphansi uthi masenzenjani? Ukhuza thina noma uthuma thina ukuthi senzenjani? Ingani yibona abanamandla njengoba besezikhundleni ezinkulu emaqenjini abo, ngokunjalo nasemaphalamende. Yibona okumele balungise izinto. Nabo abangadideki njengathi ngoba yibona oKhabazela abona izinto bebe beyazi inqubo kaKhongolose.
Ukube uKhongolose kuseyinhlangano noma umbutho wabantu, nngabe kade walalela izimvo zabo uma luthi makaphume uMengameli uZuma.
Kanti usomqulu wona uthini uma uthi abantu bazobusa? Awusho ukuthi kuyobusa isigungu esikhulu sikaMantashe kanye nabaholi.
Buka nje izwe linjani kumanje ngenxa yale nhlekelele yombango okhona. Buka njena ukuthi izwe linjani ngenxa yokunqaba ukuphuma kukaMengameli esikhundleni. Buka ukuthi izwe linjani ngokuthi kudamane kusekelwana izwe libe lingena obishini. Buka izwe linjani kumanje ngezinkulumo ezingakhi ezikhulunywa ngabantu abanjengabaholi abafana no(Sihle) Zikalala, oBheki Cele kanye nabanye.
Uthi bonke laba baholi abahlaselana esidlangaleni bayaqonda ukuthi imiphumela yezenzo zabo kuzoba yini? Ngibona sengathi abaqondi kodwa bona bathi bazakhela udumo olubi.
Zikhona njalo izingwevu zikaKhongolose ziyabeka ziphawule kodwa ngeshwa zishaywa indiva. Kufuneka abantu abazophumela obala balwe nenkohlakalo njengoMakhosi Khoza. Hhayi abazoyifukamela inkohlakalo ngoba ekugcineni kulimaza igama lombutho wabantu. Engabe kuyothiwani koMafukuzela? Kuyothiwani koLuthuli? Kuyothiwani koTambo? Kuyothiwani koSisulu? Kuyothiwani ko-Pixley ka-Isaaih Seme? Soyicela ivuthiwe. Ngithi mathe ami ngilinde!

Yisemkhulu Nzimande
PORT SHEPSTONE

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here