UKomphela uchaza ngokukhuhla ibhentshi kukaThwala noMalongoane

0
239

INTATHELI YOMAFRIKA
UMQEQESHI weKaizer Chiefs, uSteve Komphela, usephefumulile ngabadlali ababili beqembu abangaconsi phansi kubalandeli okungaqondakali ukuthi kungani bengasitholi isikhathi eside sokudlala.
UJoseph Malongoane noWilliam Thwala, abagadulisa amadoda ezimpondweni zokuhlasela, abakalitholi ijezi izikhawu eziningi njengoba bekwenzeka ngesizini edlule.
UMalongoane usalithole kanye ijezi ngesikhathi iChiefs idliwa ngo 1-0 iSuperSport United kuma-quarter final eMTN8 ngo-Agasti 12.
“Akukho okubi ngaye kodwa sibheke ukuthi abanye abadlali abadlala endaweni yakhe benza kangcono. Into okumele ayenze ukuthi uma eselithola ithuba alibambisise okwezikhali zamaNtungwa. Le nto uyenzile uHendrick Ekstein. Naye ubengalitholi ithuba kodwa udlalile kuGolden Arrows.”
Lo mqeqeshi ubuye wachaza ngesinqumo sokukhipha uThwala ngesiwombe sesibili ekubeni ubemfake ngaso futhi. Uphikile ukuthi kukhona ukungaboni ngaso linye nalo mdlali olandwe kuChippa United maphakathi nesizini edlule.
UThwala wangena wabuye wadonswa kwangena u-Edmore Chimbadoro. UKomphela uthe okwenze bamkhipha ukuthi ubelahla kakhulu ibhola. Lo mqeqeshi ubuye waveza ukukhathazeka kwakhe ngokuhluleka ukunqoba imidlalo yasekhaya.
Kwemine esidlaliwe iChiefs isahlulekile. Ishaywe kabili iSuperSport yadlala ngokulingana ne-Arrows neBidvest Wits.
Umdlalo wayo neBaroka FC oseThekwini ngoMgqibelo ntambama, uthathwa njengowasekhaya ngoba leli qembu laseNaturena linobudlelwano nomasipala weTheku ukuthuthela eminye imidlalo yawo eMoses Mabhida Stadium.
“Kumele siqale siyinqobe imidlalo yasekhaya kufane nakweminye lapho sisuke sidlala ekuhambeni. Angazi noma ukuthi uma sidlala kwezinye izinkundla umfutho uba mkhulu kubadlali ngoba basuke besekwa izindimbane zabalandeli kodwa e-FNB Stadium inkundla iba nkulu kakhulu.”
Amakhosi azoya kulo mdlalo ehleli endaweni yesine namaphuzu ayisishiyagalolunye ngemuva kwemidlalo eyisithupha.
Isiyonke imidlalo ye-Absa Premiership ngale mpelasonto imi kanje;
Kusasa: Free State Stars v Maritzburg United (Harry Gwala, 8pm)
NgoMgqibelo: Ajax v Cape Town City (Cape Town Stadium, 3pm), Arrows v Chippa United (Princess Magogo, 3pm), Chiefs v Baroka (Moses Mabhida, 6pm), Polokwane City v Orlando Pirates (Peter Mokaba, 8.15pm), SuperSport United v AmaZulu (Lucas Moripe Stadium, 8.15pm).
NgeSonto: Platinum Stars v Mamelodi Sundowns (Royal Bafokeng, 3pm), Bloemfontein Celtic v Bidvest Wits (Dr Peter Molemela, 3pm).

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here