UCoetzee unezezele ngabe-Sharks abazobe beqala ukuba kwelesizwe

0
32

INTATHELI YEZEMIDLALO
KUFAKWE nabadlali ababili bama-Cell C Sharks okokuqala ngqa eqenjini lama-Springboks elizodlala ku-2017 Castle Lager Rugby Championship.
Laba ngoSibusiso Nkosi odlala ku-wing no-Louis Schreuder odlala ku-scrumhalf ababizwe noFrancois Louw ogabe ngesipiliyoni ekudlaleni kwi-flank.
ULouw usedlale ama-Test angu-52 eqenjini lesizwe kanti ukhuza ibuya ngemuva kokuphuthelwa yimidlalo ebingoJuni ngenxa yokulimala ehlombe. Ukuhlinzwa kwakhe kwenze waphuthelwa imidlalo neFrance.
UNkosi, osuka eqenjini elincane lama-Springboks, usethathe iso labaningi ngokudlala kuma-Sharks ku-Currie Cup selokhu aqala ukuzigqamisa kuVodacom Super Rugby.
Njengamanje lo mdlali oneminyaka engu-21 ungomunye wabahamba phambili ngokushaya ama-try amaningi emqhudelwaneni we-Currie Cup.
USchreuder (27) yena uzonezezela esibalweni sabadlali abangama-scrumhalf abathathu abaqokiwe kuleli qembu elibunjwe abadlali abangu-30. Lo mdlali usaqhubeka nefomu yakhe enhle selokhu efike kuma-Sharks esuka ku-Southern Kings ngaphambi kokuqala komqhudelwano iCurrie Cup.
USchreuder, owashaya into ecokeme edlalela iSouthern Kings kuVodacom Super Rugby, uvala indawo kaFrancois Hougaard. Lolu ushintsho olunye vo olwenziwe eqenjini elibuye e-Australia ngeSonto.
Iningi labadlali abavamise ukudlala kuma-Springboks ababizwanga ngenxa yokulimala. UCoenie Oosthuizen ulimale esandleni kubhekwene ne-Australia emasontweni amabili adlule, uJaco Kriel, odlala ku-flank, ulimale ehlombe kulowo mdlalo. Uhlinzwe ngoLwesibili kanti kuthiwa ngeke aze adlale kuze kuphele lo nyaka.
UWarren Whiteley usalulama enyongeni, uFrans Malherbe usaxilongwa umqala kanti u-Oupa Mohoje kulindeleke abuye ngesonto elizayo ngemuva kokululama ubambo.
Umqeqeshi wamaBhokobhoko, u-Allistair Coetzee, ubuye wangalihlakaza iqembu elinqobe imidlalo emihlanu nelidlale owodwa kweyisikhombisa kanti labo abaqokile yingoba uchazeke indlela abenza ngayo emaqenjini abo.

Iqembu lizohlanganela eBloemfontein ngeSonto lapho lizozinza khona kuze kufike usuku lomdlalo ne-Wallabies eToyota Stadium ngomhla ka-30 kwephezulu. Bazodlala nama-All Blacks ngomhla ka-7 wenyanga ezayo eNewlands, eKapa.

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here