Baxwayisa ngokunyomfa futhi abafundi besikole esashiswa

0
53

THOBEKA MCHUNU

BASABISA ngokwenza omunye umonakalo abafundi baseSokheni High School eMakhabeleni, eKranskop, kulandela ukushiswa kwalesi sikole ngoLwesihlanu.
Abafundi abayishiyagalolunye baboshwa bavela enkantolo emuva kwesigameko besolwa ngokucekela phansi isikole nokweba.
Omunye wabafundi ongathandanga ukudalulwa, uthe baqale babhalela uthishanhloko incwadi bekhalaza ngokuthi isikole sabo asikho esimweni esigculisayo njengoba amakilasi engenayo iminyango namafasitela, uma lina banethwa imvula. Uthe bacela ukuba abalungisele isikole ngemali yaso kodwa wabashaya indiva wathi babhorekile.
“NgoLwesihlanu olwedlule kube nomhlangano wabazali abagxeke abafundi uma bekhalaza okudale ukuthi bathukuthele bangane unwabu bashaya isikole ngamatshe, bashisa ihhovisi likathishanhloko negumbi lothisha baphinda bazitapela empahleni yesikole,” kusho umfundi.

Uqhube wathi kuyabakhathaza ukuthi kuboshwe abafundi abayisishiyagalolunye kuphela ekubeni kunenqwaba eyasusa lolu thuthuva. Ugxeke izinduna zendawo wathi bekuthi uma zingakunambithisisi bezitshela amaphoyisa bese uyaboshwa njengoba besejele laba bafundi.

“Abafundi sebesabise ngokwenza okunye futhi njengoba bengathokozile ukuthi abanye babhadle ejele ekubeni kubhalwa kukhona nabenza ibanga leshumi,” kusho umfundi.
Kuthiwa isimo sesibuyele kwesejwayelekile kulesi sikole futhi azikho izinkinga esezibikiwe njengoba kubhalwa izivivinyo.

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here