Abenhlangano yezithuthuthu eMlazi bazihlangula ebuginseni

0
182

I NHLANGANO yabagibeli bezithuthuthu, Amabhubesi Bikers Club, isiziqhelelanisile nemiyalezo ezungeza ezinkundleni zokuxhumana ebisabisa ngokubulala amaphoyisa nokuntshontshwa kwezimoto ngendlela yokuziphindiselela ngokubulawa kukaMnu Sandile Bhengu obedume ngelika-Chillies. Umufi ongowakwa-F eMlazi, eThekwini, udutshulwe ngesonto eledlule amaphoyisa kanti kuvele ukuthi ubezama ukusiza abangani bakhe ukukhipha i-tracker emotweni ebintshontshwe eChatsworth. USihlalo wale nhlangano, uMnu Sithembiso Ngwenya, utshele UmAfrika ukuthi inhlangano yakhe ayinalwazi futhi ayibazi abantu abasabalalisa le miyalezo ezinkundleni zokuxhumana ngoba ayihlangani nobugebengu. Uthe inhlangano isebenza ngokusemthethweni, akukho ekwenzayo okuphambana nomthetho ngakho-ke iyaziqhelelanisa nemiyalezo egijima ezinkundleni zokuxhumana. “Inhlangano yethu isiza kakhulu emphakathini njengoba nina bezindaba niye nibone sinikelela izingane ezinkulisa nogogo nomkhulu emakhaya abadala.

Yize umufi eyilungu lethu kodwa uma kukhona abekwenza empilweni yakhe yangasese inhlangano ayihlangani nakho futhi asinalwazi ngempilo ephilwa amalungu ethu ngasese. Thina simazi njengelungu elihloniphile, konke lokhu osekuthiwa ubekwenza asikwazi. Kule kilabhu sinamaphoyisa, abameli nosomabhizinisi nalo lonke uhlobo lomuntu,” kusho uMnu Ngwenya. Le miyalezo iqale ukusabalala ngalo iSonto kukhona abakhala ngokuthi amaphoyisa amdubule noma esephakamise izandla. Lesi simo sifake elikhulu itwetwe ezakhamizini zakuleli lokishi, ikakhulukazi ezinezimoto kwaze kwangenelela izikhulu zamaphoyisa ezithumele inqwaba yamaphoyisa abezungeza zonke izigceme kusukela ngempelasonto.

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here