USuthu oluncane luzodlalela nasemakhaya

0
165

BAZOHLEKA bodwa abalandeli baMaZulu ngezindaba zokuthi azodlala eminye imidlalo yayo ezindaweni zasemakhaya. Lokhu kudaluke ngesikhathi kwethulwa isizini yesine yeMultiChoice Diski Challenge ezovula ngemidlalo ehlabahlosile eSugar Ray Xulu eClermont ngale mpelasonto. URonnie Moroka, ongumqeqeshi waMaZulu amancane, uveze ukuthi eminye imidlalo yabo bazoyidlala oLundi, eNkandla naseMsinga. Uthe lena yindlela yokuzisondeza eduze nabalandeli babo abakhala ngokuthi iqembu labo balibukela kude njengoba lizinze eThekwini. Kulesi sithangami sabezindaba ebesibanjelwe eMoses Mabhida izolo emini, amaqembu amane azobe egadulisana abemelwe abadlali nabaqeqeshi. USurprise Moriri, ozosizana noDavid Notoane kuSundowns engompetha banyakanye, uthe bazilungiselele ngokwanele ukuvikela lesi sicoco esabawelisela eHolland ukuyozwana amandla namanye amaqembu asemazweni.

UPapi Zothwane uthe badonswe ngendlebe uSihlalo wabo kuLamontville Golden Arrows, uMato Madlala, ukuthi bafuna ukushaya into ecokeme kule sizini njengoba bashaya udaka ngokwedlule. USiyabonga Mdluli uthe bona angeke bafake abadlali babo beMaritzburg United ingcindezi yokunqoba yize bazobe bedlala okwesine kulo nyaka. Amanye amaqembu azobe edlala eClermont iFree State Stars namaqembu ase-Soweto Kaizer Chiefs ne-Orlando Pirates. Kulo nyaka iqembu elizonqoba ngeke liye eHolland. Indawo ayikamenyezelwa kodwa iqembu elizonqoba lizoya kodlala namanye amancane asemazweni omhlaba bese liphekwa abaqeqeshi abanohlonze baphesheya kwezilwandle. Umlandeli oyedwa uzoba senhlanhleni yokuba yingxenye yalolu hambo ngokungenela umncintiswano ngokuthumela umqhafazo kunombolo esethikithini okungelamahhala ekungenwa ngalo kule midlalo. Ukuze umuntu athole amathikithi amabili okungena kumele akhiphe umazisi kanti izindawo ekutholakala khona amathikithi zivalwa ngo-5 ntambama.

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here