Imozambique iheha osomabhizinisi baseNingizimu Afrika

0
1235

OSOMABHIZINISI baseNingizimu Afrika sebenxuswe ukuba basebenzisane nabaseMozambique ukuze kuvuleke amathuba okuhwebelana. Lokhu kushiwo uMeluleki webhodi leMozambique Investment and Export Promotion Agency (APIEX), uDkt Gil Bires, ngesikhathi kuvulwa isitende sokukhangisa ngamabhizinisi akuleli embukisweni wezamabhizinisi, iMaputo International Trade Affair ka-53 eyaziwa ngele-FACIM kuleli zwe ngoLwesibili. Lo mbukiso oqale ngeSonto usongwe mhla ka-3 Septhemba kukhangisa kuwo amabhizinisi aphuma emazweni ahlukene emhlabeni kanti uMnyango wezoHwebo neziMboni kuleli uthumele izinkampani ezimbili, iTekwini Foods yasePinetown neStainless Connection yaseClairwood. UDkt Bires uthe ubuhlobo phakathi kweNingizimu Afrika neMozambique ithuluzi elihle lokuvula amathuba azozuzisa la mazwe. “Sijabule ukubona osomabhizinisi baseNingizimu Afrika betshengisa intshisekelo ngezwe lethu futhi beza
bezobheka amathuba lapha,” kusho uDkt Bires. Uthe uwoyela negesi okuyinto eyinala eMozambique ivula amathuba ebhizinisi ezinkampanini zendawo nezangaphandle. “Ngifuna ukuniqinisekisa ukuthi isimo samabhizinisi eMozambique sikahle nakuba kunezinselelo.

Kukhona imizamo kuwo wonke amazinga ukulwa nalezi zinselelo ukwenza isimo sibe sihle kakhulu futhi sihehe osozimboni nabatshalizimali bangaphandle,” kusho yena. Uthe i-APIEX eyasungulwa uhulumeni waseMozambique ngo-Okthoba wonyaka odlule isebenza kanzima ukuheha abatshalizimali. UMnyango wezoHwebo neziMboni uxhase ithimba losomabhizinisi bakuleli abayingxenye yalo mbukiso, othanyelwe izinkampani ezibalelwa ku-2000 ezivela emazweni awu- 30, ngosizo lohlelo lawo, iExport Marketing and Investment Assistance (EMIA), ngehloso yokukhulisa imikhiqizo yakuleli ethunyelwa eMozambique.

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here