Ithemba kukhulekelwa izingozi zomgwaqo eJozini

0
68

KUBUYE ithemba lokuphepha komphakathi emigwaqweni yaseJozini enyakatho yeKwaZuluNatal ngesikhathi kubanjwe umkhuleko wokuphepha obuhlelwe umasipala waseJozini oholwa uKhansela Delani Mabika. Kulo mkhuleko obusehholo lomphakathi eNgwavuma ngeledlule bekuphume nesinedolo siyonanela umthandazo wabefundisi bamahlelo ahlukahlukene ngaphansi kwalo masipala. IMeya uMabika ithe baqoke ukwenza lomkhuleko ngenhloso yokunxusa uNkulunkulu ukuba avikele abantu bakhe njengoba bebezothatha uhambo lokuya ezinkonzweni zePhasika. Uphinde waveza ukuthi ngaphandle kokuphepha, kukhulekelwe ukuba kube nozinzo nokusebenzisana okungenazihibe kulo mkhandlu owakhiwe amakhansela angu-40 aphuma ku-Democratic Alliance (DA), i-Economic Freedom Fighters (EFF), i-African National Congress (ANC) kanye neNkatha Freedom Party (IFP).

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here